Ngaphambili kokuthi uthenge ikhaya,qiniseka ukuthi uphenya kakhulu ngaleyo ndawo ofuna ukuyithenga.Lokho kuzo kusiza ukuthola ukuthi leyo ndawo kahle kahle ingathengisiwa ngemali engakanani futhi lokho kunga siza ukuthi ukhone ukubeka imali yakho ebhangi.Phenya ngendawo phansi naphezulu.
Bheka ngaphakathi kanye nanga phandle ukuthi akumoshekanga.Unuke uphinde uzwe ukuthi leyo ndawo ayina damp na,namabonda uwezwe ukuthi awekho manzi kancane.
Qaphela uphende omusha noma lama phepha awo kuhlobisa amabonda ngoba lezo zinto zingabe zifihla ukubola kwendawo.Qaphela ukubola kwama plangu,iminyango na phansi,futhi ubheke inthuthu yama plangu.
Qiniseka ukuthi ama tayela waphuzulu kwendlu aphelele wonke ngoba maka ngaphelelanga kungenzekha ukuthi kunga ngena amanzi endlini,indlu inga mosheka.Qaphela izihlahla ezinkhulu ngabo nazo zi nga mosha amabhilidi.Indlu yakho mayi ngenelwa amanzi uzobona ngamanzi ngoba ayamosha.Amanzi mawamoshile chela umdayisi wendawo ukuthi ayalingise.
Bhekisisa nama bathroom ukuthi umoya uyagena;ubheke ukuthi izimpomphi kanye netoilet ukuthi kuya sebenza kahle.Bheka ukuthi imibala yama bondanda ne carpeti ukuthi kuhanbelana nemibala wena owuyikethile,ubheke ukuthi ocarpeti abana nkinga noma kumele ufake abasha.
Bheka amaplaki.Phezulu kwendlu uqiniseke ukuthi kuhamba kahle futhi indlu mayi ndala kungenzeka ukuthi kufanele ufake izinto eziningi kuyo.Phenya ukuthi yaqcina nini uku bhekiwa igeyser,ubheke ibokisi logesi ngoba iynthambo ezinga fakelangwa kahle ziyingozi futhi kunga biza kakhulu ukuzi lungisa.Qiniseka ukuthi uthola icertificati sogesi ngoba siyafuneka ngaphambili ukuthi indlu ibhaliswe ngegama lakho,ngoba nguwena ozo sizekala.Izintambo zogesi mazinga hambi ngendlela angeke usithole icertificate sogesi.
Bheka ukuti engadini uzodinga ukususa izihlahla ezinye,uphinde futhi ubheke ukuti ezinye izihlahla azimoshi na.Qiniseka ukuthi kune bhonda mawu nezi nyamazane.Maku nama gayti neminyanga wegalagi bheka ukuthi konke lokho kuyasebenza noma kudingiwa ukulungiswa.Bheka ukuthi phansi emgodini lapha okuphuma amanzi khona zonke izinto sihamba kahle na.Qiniseka ukuthi uyayi thanda indawo.
Bhuza umdayisi wendawo imibuzo eminingi kakhulu,phenya ukuthi yini indaba yena ayithengisa lendawo.Buza ukuthi leyo ndawo ayina zigebhengu na noma uthinthe ipholistashi ubabuze ukuthi leyo ndawo injani inezigebhengu kakhulu noma ungathenga iphephandaba uthola iyndaba zeyi gelekeqe zithini.
Zonke lezinto esikhulume ngazo ngaphezulu qiniseka ukuthi uyaziqaphela zonke lezo zinto mawu yobheka izindlu, hamba uphete iphepha elibhale zonke lezinto ezingaphezulu.Funda ukuthi” Ungathenga kanjani ikhayi nathi” i-IPS

